| Download | 62 |
| Stock | ∞ |
| File Size | 618.52 KB |
| Create Date | September 1, 2017 |
| Download | |
Isigaba 32 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, 1996 (No. 108 ka 1996) uthi wonke umuntu unelungelo lokuthola ulwazi lugcinwe izinhlaka zikahulumeni kanye nolwazi olugcinwe izinhlaka ezizimele ukuvikela noma eliphi lamalungelo akhe angokomthethosisekelo. Isigaba 32 siphinde sichaze imithethonqubo okumele imiswe ezoba nomthelela elungelweni lokuthola ulwazi ngokuchaza izindlela okungatholakala ngayo ulwazi ezinhlakeni zikahulumeni nezizimele kanye nangokuhlinzeka ngolunye ulwazi ngezizathu okunganqatshelwa uhlaka lukahulumeni noma oluzimele ukuthi luthole ulwazi. UMthetho Ogqugquzela Ukutholakala Kolwazi, 2000 (uMthetho No. 2 ka 2000) wakhelwa ukugcwaliswa kwamalungelo oMthethosisekelo okutholakala kolwazi, ukugcina usiko lokuvuleleka nokuba nesibopho sokuphendula, kanye nokugqugquzela intandoyeningi evulelekile lapho abantu bakuzo zonke izinhlaka zempilo behlonyiswa ukuze bazibandakanye kuhulumeni futhi bazibandakanye ezinqumweni ezithinta izimpilo zabo.

